Ngohlelo Oludidiyele Lwesiqiniseko Sokudla noMsoco, uHulumeni uzohlinzeka ngamalinge osizo emaqenjini anokulimala angehluleka ukuthola ukudla okunomsoco nokwenele ngenxa yobuphofu nokwenyuka kwentengo yokudla. Uhulumeni usebeke eceleni imali engama-R1.2 bhiliyoni esikhathini esiyiminyaka emithathu ezayo.
Imali eyizigidi ezingama-R400 seyabelwe unyaka ka-2002/3, okuwuthi izigidi ezingu-R170 sezisetshenziswe ekusizeni abantulayo emazweni angomakhelwane. Izigidi ezingama-R230 zibekwe eceleni ukuhlomulisa isibalo semindeni entulayo elinganiselwa ema-200 000 esikhathini sezinyanga ezintathu ezizayo. Izishuqulu zokudla ziyosatshalaliswa emindenini engenamiholo kwanhlobo nengakwazi ukuba nemali yokudla efinyelela ema-R200 ngenyanga. Lokhu okwenzekayo nokuqhubekayo kuhlonzwa ngokubonisana nabanye abehlukene ababambe iqhaza, kuhlanganisa izinhlangano zenkolo, ezabasebenzi, ezingaxhumene nohulumeni kanye nohulumeni uqobo.
Inhlosonqangi yalolu hlelo wukwakha izinga lempilo elingcono labo bonke abantu ngokwenza ngcono amandla angaphakathi emindenini entulayo ngenjongo yokulwa nendlala nobuphofu, ukufinyelela ekudleni okunomsoco nokuthola ukuvikeleka entengweni ephakeme yokudla.
Ukuphakela usizo lokudla ngokusabalalisa izishuqulu zokudla emindenini entulayo esikhathini esiyizinyanga ezintathu.
Ukuphakela izishuqulu zokuqala zembewu yokutshala ngenhloso yokusiza leyo mindeni ekuzikhiqizeleni ukudla nokwenza ngcono impilo yayo.
Ukuphakela usizo lokweseka imisebenzi ekhiqiza ihholo.
Ukuqinisa igalelo loHlelo Lokudla Ezikoleni.
Ukubhalisa oxhasweni lweselekelelo.
Ukuqinisekisa ukuthi imiphakathi iyakwazi ukufinyelela ekudleni okunomsoco okuthakwe ngamavithamini nezakhamzimba.
Izingane, ikakhulu lezo eziyizinhloko zemindeni: izintandane kanjalo nalezo eziphethwe yigciwane lesandulela-ngculazi/ingculazi uqobo nemindeni ethintekayo bayoba ngabahlomula kakhulu.
Kuzwelonke, ezifundazweni nasendaweni, leminyango elandelayo iyasebenzisana; iMinyango yeNtuthuko yeNhlalonhle, eyezeMpilo, eyezoLimo, eyezeMfundo, uMkhandlu wokuCubungula ngobuChwepheshe eziMbonini (CSIR), Umnyango Wezibalo Zabantu Eningizimu Afrika, Isikhungo seNtuthuko kaZwelonke (NDA) neNgosi yeNtuthuko eZimmele (IDT). Izinhlangano ezehlukene zenkolo, izakhiwo zemiphakathi, izinhlangano zabasebenzi namabhizinisi sebebambane ngezandla ukuqinisekisa ukuthi labo abentula kakhulu bathola isiqiniseko sokudla.
Kunemisebenzi eminingi ehlelelwe umkhankaso wokwenyusa izinga lokwaziswa ngoHlelo Oludidiyele Lwesiqiniseko Sokudla noMsoco kuzo zonke izifundazwe.
Ubuphofu yisitha sokuqala ebantwini bonke baseNingizimu Afrika. Kufanele sisebenzisana njengabaholi bezombusazwe, abaholi bendabuko, izinhlangano zenkolo, zabasebenzi, imiphakathi namabhizinisi uma sifuna ukunqoba. Ukuxhumana izikhawu nokubambisana phakathi kwezinhlaka ezehlukene kubaluleke kakhulu uma siqonde ukuphumelela.
Lolu hlelo Oludidiyele Lwesiqiniseko soKudla noMsoco nilwethulelwa NGUHULUMENI.
